God is Black
  • Home
  • Principles
  • Download
  • Forum
  • Merchandise
  • Contact
Afrikaans IsiNdebele IsiXhosa IsiZulu Sepedi Sesotho Setswana SiSwati Tshivenda Xitsonga

Coming Soon...
Picture

uNkulunkulu umnyama
ubumnyama buyinhlanganyela

Isethulo:

Sizinikele ekuvezeni ulwazi oluvela kokukhona ngempela kwe 3 noma i-4D ukuya kokukhona ngempela kwenani. Kuchazani lokhu futhi nohambo luyini, thola inhlanganyela ekuhlukanisweni.

Umbono ka Nkulunkulu amnyama njengomthombo kwaba ngumphumela wenselelo evela kubhuti u-Malcolm X ngenkathi asho ukuthi kuzichazamazwi zomlungu ubumnyama bobuhlala bukhonjiswa njalo njengokunamanyala, kanti ubumhlophe bukhonjiswe njengobungcwele.

Ngakho-ke manje sichaza ubumnyama njengo Nkulunkulu futhi ubumnyama yinhlanganyela.

Futhi ukufika kulesi siphetho sizinikele kunhlanganyela yokwazi, nokwandiswa kwalemithetho ehlanganisayo nemibono YONKULUNKULU OYEDWA OMNYAMA. Umthombo wethu nendawo esiya kuyo.

Le mininingwane inikezwa ngenjongo yokuphakamisa nokuhlanganiswa kwabo bonke abantu. Kukhona kuphela uNkulunkulu kulesi silinganiso.
Kithi uNkulunkulu uyikho konke noma ulingana NAKHO KONKE.

Imininingwane ezonikezwa kule webhusayithi ithulwa kuphela kuwe ngenjongo yokuhlanganisa nohambo lwakho elizokufinyelelisa lapho.
Uma ucabanga ukuthi le mininingwane onikezwa yona akusiyona yokuhlanganisa ulwazi lwengqondo yakho, phinda ucabange futhi! Ngoba lomthetho nguwo ongaphezulu futhi konke ukuqonda kumele, futhi kuzobheka kulo mbono noma umthetho.

YAZI. Sizosebenzisa igama elithi uNkulunkulu kukho konke ukuhunyushwa kwethu.
Incazelo yethu kaNkulunkulu isho “Konke okukhona” “Umthombo” “Yena Yedwa”
Read More...
Picture
Kakhulukazi ngenothi eliphathelene nezinto zomhlaba le webhusayithi izothuthukisa:

1: Ulimi oluzosetshenziswa oluzodumisa umthetho nemicabango yobumnyama isib. Njengokuqinisekisa ukuthi uNkulunkulu wami umnyama, ngobumnyama obungaba inhlanganyela, ubumnyama buyikho. Ubumnyama bukodwa. Njl.

2: Ukuthuthukisa imithetho yabantu yobuntu ekubeni khona, izinga lokuphilisana kahle ngokuhlanganyela.

Njengesidalwa sika Nkulunkulu uyingxenye kaNkulunkulu, uphelele futhi angeke uze wone. Okukhona kwakho kwangempela kuphakathi kwakho noNkulunkulu.





Download the full Document

Share
Unique Visitors:
Free Counter
Create a free web site with Weebly